Skip to Content

"uyangithanda"

5 occurrences in ZUL

Wayesethi kuye: Ungasho kanjani ukuthi uyangithanda, nxa inhliziyo yakho ingenami na ? Usudlale ngami kathathu , awungitshelanga ukuthi amandla akho aphi.

Ngalokho ngiyazi ukuthi uyangithanda, ngokuba isitha sami asihalalisi phezu kwami.

Khona sebedlile uJesu wathi kuSimoni Petru: Simoni kaJona, uyangithanda kunalaba na ? Wathi kuye: Yebo, Nkosi, uyazi wena ukuthi ngiyakuthanda . Wathi kuye: Yipha amawundlu ami.

Wabuye wathi kuye ngokwesibili: Simoni kaJona, uyangithanda na? Wathi kuye: Yebo, Nkosi, uyazi wena ukuthi ngiyakuthanda . Wathi kuye: Yalusa izimvu zami.

Wathi kuye ngokwesithathu : Simoni kaJona , uyangithanda na ? UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu : Uyangithanda na ? Wathi kuye: Nkosi, wazi konke wena , uyazi ukuthi ngiyakuthan da. UJesu wathi kuye: Yipha izimvu zami.