UNkulunkulu wasendulo uyisiphephelo , nangaphansi zikhona izingalo ezingunaphakade; wazixosha izitha phambi kwakho, wathi: Chitha.
Icebo lohluphekileyo niyalijabhisa, kepha uJehova uyisiphephelo sakhe.
Ngokuba wena Nkulunkulu uyisiphephelo sami ; ungilahleleni na ? Ngihambelani ngilila, ngicindezelwe yisitha, na?
UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu ; ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.
Thembani kuye ngezikhathi zonke nina bantu , nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe; uNkulunkulu uyisiphephelo sethu. Sela
Nginjengesimangaliso kwabaningi , kepha wena uyisiphephelo sami esinamandla.
Nkosi, wena uyisiphephelo sethu ezizukulwaneni ngezizukulwane.
uthi kuJehova : Uyisiphephelo sami nenqaba yam i noNkulunkulu wami engimethembayo.
ngokuba uthi : Jehova, uyisiphephelo sami ; oPhezukonke umenzile abe yinqaba yakho.
Wena uyisiphephelo sami nesihlangu sami; ngiyethemba izwi lakho.
Ngikhala kuwe Jehova , ngithi: Wena uyisiphephelo sam i nesabelo sami ezweni labaphilayo.
Ungabi luvalo kimi; uyisiphephelo sami ngosuku lobubi.
UJehova uyaduma eseSiyoni , ezwakalise izwi lakhe eseJerusalema ; izulu nomhlaba kuyazamazama , kepha uJehova uyisiphephelo sabantu bakhe , nenqaba yabantwana bakwa-Israyeli.