Skip to Content

"wabamba"

14 occurrences in ZUL

U-Ehudi wayeselula isandla sakhe sokhohlo, wabamba inkemba ethangeni lakhe lokunene, wamgwaza esiswini sakhe;

Wabamba insizwa yabantu baseSukoti , wabuza kuyo ; yona yamlobela izikhulu zaseSukoti namalunga alo , abantu abangamashumi ayisikhombisa nesikhombisa.

USamsoni wahamba, wabamba izimpungushe ezingamakhulu amathathu , wathatha izikhuni , wazibhekisana ngemisila , wafaka isikhuni phakathi kwemisila ngamibili.

USamsoni walala kwaze kwaba phakathi kwamabili ; wavuka phakathi kobusuku, wabamba izivalo zesango lomuzi nezinsika zombili , wazincothula kanye nomgoqo , wazibeka emahlombe akhe , wazikhuphulela esiqongweni sentaba ephambi kweHebroni. UDelila

Lapho esengenile endlini yakhe , wathatha umese , wabamba isancinza sakhe, wasihlahlela ithambo ngethambo , kwaba yizinqamu eziyishumi nambili, wasithuma emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli.

Wabamba u-Agagi inkosi yama -Amaleki esaphilile, wachitha impela bonke abantu ngosiko lwenkemba.

USamuweli esephenduka ukuhamba, wabamba umphetho wengubo yakhe , yaklebhuka.

U-Adoniya wesaba ngenxa kaSolomoni ; wasuka wahamba , wabamba izimpondo ze-altare.

Lapho kufika umbiko kuJowabe ngokuba uJowabe -- wayemlandele u - Adoniya noma engamlandelanga u -Abisalomu uJowabe -- wabaleka, waya etendeni likaJehova, wabamba izimpondo ze-altare.

U-Elisha wakubona , wamemeza wathi : Baba, baba, nqola ka -Israyeli nabamahhashi bakhe ! Akabe esambona futhi ; wabamba izingubo zakhe , waziklebhula kabili. U-Elisha ungumprofethi; izimangaliso zakhe

Wafika kumuntu kaNkulunkulu entabeni , wabamba izinyawo zakhe . UGehazi wasondela ukuba amxoshe , kepha umuntu kaNkulunkulu wathi : Myeke, ngokuba inhliziyo yakhe imunyu phakathi kwakhe ; uJehova ungifihlele lokho, kangitshelanga.

Kepha yena enesihawu wathethelela ububi babo , akabhubhisanga; yebo, wabamba kaningi intukuthelo yakhe, akavusanga lonke ulaka lwakhe.

Esiswini wabamba umfowabo ngesithende , nasebudodeni bakhe walwa noNkulunkulu;

Wabamba umntwana ngesandla , wathi kuye: Thalitha, kumi, okungukuthi ngokuhunyushwa: Ntombazana, ngithi kuwe, vuka!