Skip to Content

"wabanikela"

20 occurrences in ZUL

UJehova wabanikela esandleni sakwa -Israyeli, babanqoba, babaxosha kwaze kwaba seSidoni Elikhulu , naseMisirefoti Mayimi , nasesigodini saseMispa ngasem pumalanga, bababulala, abaze bamshiyela noyedwa owasalayo.

Intukuthelo kaJehova yavuthela abakwa -Israyeli, wabanikela esandleni sabaphangi ababaphanga , wathengisa ngabo esandleni sezitha zabo nxazonke. Ababe besaba nakuma phambi kwezitha zabo.

Kepha abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wabanikela esandleni sakwaMidiyani iminyaka eyisikhombisa.

UJefta wayesedlulela kubantwana bakwa -Amoni ukulwa nabo ; uJehova wabanikela esandleni sakhe.

Nxa sengibonile ukuthi aningisindisanga, ngabeka ukuphila kwami esandleni sami , ngadlulela kubantwana bakwa -Amoni, uJehova wabanikela esandleni sami; ngalokho nikhuphukeleni kimi namuhla ukulwa nami na?

Abantwana bakwa -Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova ; uJehova wabanikela esandleni samaFilisti iminyaka engamashumi amane.

wabanikela ezandleni zabaseGibeyoni , babaphanyeka entabeni phambi kukaJehova, bawa labo abayisikhombisa kanyekanye ; babulawa ngesikhathi sokuvuna ezinsukwini zokuqala ngasekuqaleni kokuvunwa kwebhali.

Intukuthelo kaJehova yavuthela u -Israyeli, wabanikela esandleni sikaHazayeli inkosi yase -Aramu nasesandleni sikaBeni Hadadi indodana kaHazayeli sonke lesi sikhathi.

Abantwana bakwa -Israyeli babaleka ebusweni bukaJuda , uNkulunkulu wabanikela esandleni sabo.

Kepha kwakukhona lapho umprofethi kaJehova ogama lakhe lalingu -Odedi; waphuma ukuhlangabeza impi eyayiza eSamariya , wathi kubo : Bhekani, ngokuba uJehova uNkulunkulu wawoyihlo wayethukuthelele uJuda , wabanikela esandleni senu , kepha nin a nibabulele ngokufutha okufinyelele nasezulwini.

Intukuthelo kaJehova yayisiba phezu kukaJuda neJerusalema , wabanikela baba yisibon elo esibi , nesimangaliso, nento enximfelwayo , njengalokhu nibona ngamehlo enu.

Ningabi njengoyihlo nabafowenu ababephambuka kuJehova uNkulunkulu wawoyise, waze wabanikela encithakalweni, njengalokhu nibona.

Ngalokho wabehlisela inkosi yamaKaledi eyabulala izinsizwa zabo ngenkemba endlini yabo engcwele , ayihawukelanga nansizwa , nantombi, naxhegu, nogugileyo; wabanikela bonke esandleni sayo.

Kepha ngokuba obaba bese bemthukuthelisile uNkulunkulu wezulu , wabanikela esandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele , umKaledi, owachitha le ndlu, wabamukisa, wabayisa eBabele.

Abantwana bangena -ke, balidla izwe , wahlula phambi kwabo abakhe ezweni, amaKhanani, wabanikela ezandleni zabo , kanye namakhosi abo , nabantu bezwe, ukuba benze kubo njengokuthanda kwabo.

Uma abantwana bakho bonile kuye, yena wabanikela emandleni ezono zabo,

Wabanikela esandleni sabezizwe; ababazondayo bababusa.

Ngalokho uNkulunkulu wabanikela ezinkanukweni zezinhliziyo zabo kukho ukungcola, bahlazisane imizimba yabo,

Ngenxa yalokho uNkulunkulu wabanikela ekuhuhekeni okuyihla zo; ngokuba abesifazane babo baguqula ukwenza okwemvelo kwaba ngokuphambene nemvelo;

Nanjengalokho bengakunakanga ukumazi uNkulunkulu , uNkulunkulu wabanikela engqondweni yokunganaki ukwenza okungafanele,