Kwathi esefikile , wabetha icilongo ezintabeni zakwa -Efrayimi, abantwana bakwa-Israyeli behla naye ezintabeni, yena ephambi kwabo.
Kepha uMoya kaJehova wammboza uGideyoni , wabetha icilongo , kwabuthana ama-Abiyezeri, amlandela.
UJonathani wachitha ikhanda lamaFilisti elaliseGeba , amaFilisti akuzwa . USawule wabetha icilongo ezweni lonke, wathi: Makezwe amaHeberu.
Kwakukhona umuntu omubi ogama lakhe lalinguSheba indodana kaBikri umBenjamini; wabetha icilongo , wathi: Asinasabelo kuDavide , asinafa endodaneni kaJese; yiyani nonke ematendeni enu, Israyeli.
Owesifazane wayeseya ngokuhlakanipha kwakhe kubantu bonke . Bamnquma uSheba indodana kaBikri ikhan da, baliphonsa kuJowabe . Yena wabetha icilongo , bahlakazeka kulowo muzi , baya, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe. UJowabe wabuyela eJerusalema enkosini.