"wabuye"
73 occurrences in ZUL
U-Adamu wabuye wamazi umkakhe ; wazala indodana, wamqamba igama lokuthi uSeti , ethi: UNkulunkulu ungibekele enye inzalo esikhundleni sika - Abela, njengokuba uKayini umbulele.
Kepha wabuye wakhuluma kuye , wathi: Mhlawumbe kungafunyaniswa khona abangamas humi amane . Wathi: Angiyikukwenza ngenxa yabangamashumi amane.
U-Isaka wabuye wemba imithombo yamanzi ababeyimbile ezinsukwini zika-Abrahama uyise , ngokuba ama Filisti ayeyivalile emva kokufa kuka - Abrahama; wayibiza ngamagama ayiqamba ngawo uyise.
Wabuye wakhulelwa, wazala indodana, wathi: Lokhu uJehova ezwe ukuthi ngiyazondwa, ungiphile nalena futhi , waqamba igama layo ngokuthi uSimeyoni.
Wabuye wakhulelwa , wazala indodana , wathi: Manje ngalesi sikhathi umyeni wami uyakunamathela kimi , ngokuba ngimzalele amadodana amathathu, ngalokho waqamba igama layo ngokuthi uLevi.
Wabafulathela, wakhala; wabuye waphendukela kubo , wakhuluma nabo ; wayesemsusa uSimeyoni phakathi kwabo, wambopha phambi kwamehlo abo.
UFaro esebonile ukuthi imvula nesichotho nokuduma sekunqamukile , wabuye wona, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe, yena nezinceku zakhe.
Imbongolo yayibona ingelosi kaJehova , yazigqula odongeni , yalimaza unyawo lukaBileyamu ngasodongeni; wabuye wayishaya.
UGali wabuye wakhuluma, wathi: Bheka, kwehla abantu eNkabeni yezwe , esinye isigaba sifika ngendlela ye-oki lokuhlola imihlola.
Kepha lowo muntu wasukuma nokho ukuba ahambe ; wayesemncengisisa umukhwe wakhe, wabuye walala khona.
UBenjamini waphuma eGibeya ukuhlangabezana nabo ngosuku lwesibili , wabuye wabulala kubantwana bakwa -Israyeli amadoda ayizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili; bonke labo babehlome inkemba.
UDavide wabuye wafunga , wathi: Uyihlo uyazi kahle ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho; uthi: Makangazi lokhu uJonathani, funa abe nosizi. Kepha, kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, kukhona isinyathelo esisodwa nje phakathi kwami nokufa.
U-Abineri wabuye wathi ku -Asaheli: Chezuka ekungilandeleni; yini ukuba ngikucekele phansi na ? Ngingaphakamisa kanjani ubuso bami ngakuJowabe umfowenu na?
U-Ahimahasi indodana kaSadoki wabuye wathi kuJowabe : Noma kanjani, ake ngigijime nami , ngimlandele umKushe . Kepha uJowabe wathi : Uyakugijimelani wena mntanami , lokhu kungekho mvuzo wombiko kuwe , na?
Emva kwalokho uJerobowamu akaphendukanga nokho endleleni yakhe embi, kepha wabuye wenza abapristi bezindawo eziphakemeyo ngeningi labantu; othandayo wahlukaniselwa, wabangumpristi wendawo ephakemeyo.
Ezinsukwini zakhe uHiyeli waseBethele wabuye wakha iJeriko ; wabeka isisekelo salo ngokulahlekelwa ngu-Abiramu izibulo lakhe, wamisa amasango alo ngokulahlekelwa yithunjana lakhe uSegubi , njengezwi likaJehova owalikhuluma ngesandla sikaJoshuwa indodana kaNuni.
Wabuye wathuma kuye enye induna yamashumi ayisihlanu inamashumi ayisihlanu ayo . Yathatha yathi kuye : We muntu kaNkulunkulu , isho kanje inkosi, ithi: Shesha wehle.
Wabuye wathuma induna yesithathu yamashumi ayisihlanu inamashumi ayisihlanu ayo . Yakhuphuka le nduna yesithathu yamashumi ayisi hlanu, yafika yaguqa ngamadolo phambi kuka -Eliya, yamnxusa, yathi kuye : We muntu kaNkulunkulu , ukuphila kwami nokuphila kwalezi zinceku zakho ezingamashumi ayisihlanu makube yigugu emehlweni akho.
UJehowashi indodana kaJehowahazi wabuye waphuca esandleni sikaBeni Hadadi indodana kaHazayeli leyo mizi ayaphucile esandleni sikaJehowahazi uyise ngokulwa . UJowashi wamahlula kathathu , wabuyisa imizi yakwa - Israyeli.
Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise azichithile ; wamisela uBali ama-altare, wenza u-Ashera njengokwenza kuka-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli, wakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, walikhonza.
UJehoshafati wahlala eJerusalema , kepha wabuye waphuma , wahamba phakathi kwabantu , kusukela eBeri Sheba kuze kube sezintabeni , wababuyisela kuJehova uNkulunkulu wawoyise.
Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise azidilizile; wamisela oBali ama -altare, wenza o -Ashera, wakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, walikhonza.
Ngubani owenyukele ezulwini, wabuye wehla na? Ngubani oqoqele umoya ezandleni zakhe na? Ngubani obophile amanzi engutsheni yakhe na? Ngubani omisile yonke imikhawulo yomhlaba na ? Ngubani igama lakhe , ngubani igama lendodana yakhe, uma ulazi, na?
Kepha isitsha asenza ngebumba sonakala esandleni sombumbi ; wabuye wenza esinye isitsha njengokuhle emehlweni ombumbi ukuba asenze.
Wabuye walinganisa inkulungwane , wangidabulisa emanzini , amanzi efinyelela emadolweni . Walinganisa futhi inkulungwane , wangidabulisa, amanzi efinyelela okhalweni.
Wabuye wakhulelwa, wazala indodakazi. Wayesethi uJehova kuye : Qamba igama layo ngokuthi uLo Ruhama , ngokuba angisayikuyihawukela indlu yakwa-Israyeli ukuba ngibathethelele.
Wabuye waya ngokwesibili , wakhuleka wathi : Baba, uma lesi sitsha singedlule kimi ngingasiphuzanga, mayenziwe intando yakho.
Khona wabuye waqala ukufundisa ngaselwandle . Kwabuthana kuye isixuku esikhulu kakhulu , waze wangena emkhunjini , wahlala elwandle ; isixuku sonke sasisemhlabathini ngaselwandle.
Kepha abafundi bethuka ngamazwi akhe. UJesu wabuye waphendula, wathi kubo: Bantwana, kulukhuni kangakanani kwabethemba umnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu.
Kepha wathula, akaphendula lutho. Umpristi omkhulu wabuye wambuza , wathi kuye: UnguKristu, iNdodana yoBongekayo na?
Kepha simelwe ukujabula , sithokoze, ngokuba umfowenu lo wayefile , wabuye waphila; wayelahlekile, sewatholakala.
Ngalokho-ke abaJuda kwayikhona befuna kakhulu ukumbulala , ngokuba wayengaphulile i sabatha kuphela , kodwa wabuye wathi uNkulunkulu unguYise, ezenza olingana noNkulunkulu. UJesu uyiNdodana kaNkulunkulu
Esegeze izinyawo zabo wathabatha izingubo zakhe , wabuye wahlala, wathi kubo: Niyakwazi yini engikwenzile kini na?
Wabuye waphika uPetru; masinyane lakhala iqhude. UJesu ephambi kukaPilatu (Math. 27:11; Mark. 15:1; Luk. 23:1)
Wathi uPilatu kuye : Iqiniso liyini na ? Eseshilo lokho wabuye waphumela kubaJuda, wathi kubo: Angifumani cala kuye.
UPilatu wabuye waphuma, wathi kubo: Bhekani, ngimkhiphela kini, ukuze nazi ukuba angifumani cala kuye.
Khona uJesu wabuye wathi kubo : Ukuthula makube kinina . Njengokuba uBaba engithume mina, nami ngiyanithuma nina.
Emva kwalokho uJesu wabuye wazibonakalisa kubafundi ngaselwandle lwaseTiberiya; wazibonakalisa kanje:
Wabuye wathi kuye ngokwesibili: Simoni kaJona, uyangithanda na? Wathi kuye: Yebo, Nkosi, uyazi wena ukuthi ngiyakuthanda . Wathi kuye: Yalusa izimvu zami.