"wabuza"
22 occurrences in ZUL
Abantwana baqhubuku shana phakathi kwakhe ; wathi: Uma kunje , ngisekhona ngani na? Waya wabuza kuJehova.
Bathi: Wabuza nokubuza lowo muntu ngathi nangezihlobo zethu , wathi: Usekhona uyihlo na ? Ninomunye umfowenu na ? Samlandisa njengalawa mazwi; sasingakwazi kanjani ukuba uyakuthi: Yehlisani umfowenu, na?
Wabamba insizwa yabantu baseSukoti , wabuza kuyo ; yona yamlobela izikhulu zaseSukoti namalunga alo , abantu abangamashumi ayisikhombisa nesikhombisa.
USawule wabuza kuNkulunkulu wathi : Ngehle ngilandele amaFilisti na ? Uyakuwanikela esandleni sakwa -Israyeli na ? Kepha akamphendulanga ngalolo suku.
Wayeseya naye eRama , wafika emthonjeni oseSeku , wabuza ukuthi: Baphi oSamuweli noDavide na? Kwathiwa: Bheka, baseNayoti eRama.
Ngalokho uDavide wabuza kuJehova, wathi: Ngiye ngibulale lawo maFilisti na? UJehova wathi kuDavide: Hamba uwabulale amaFilisti, usindise iKeyila.
UDavide waphinda wabuza kuJehova . UJehova wamphendula wathi : Suka wehlele eKeyila, ngokuba ngiyakunikela amaFilisti esandleni sakho.
UDavide wabuza kuJehova, wathi: Ngixoshe lelo viyo na ? Ngingalifica na? Wamphendula wathi: Xosha, ngokuba uyakulifica impela, ukhulule konke.
Kwathi emva kwalokho uDavide wabuza kuJehova, wathi: Ngenyukele yini komunye wemizi yakwaJuda na ? UJehova wathi kuye : Yenyuka. Wathi uDavide: Ngenyukelephi na? Wathi: EHebroni.
UDavide wabuza kuJehova, wathi: Ngiyakwenyuka, ngihlasele amaFilisti na? Uyakuwanikela esandleni sami na ? UJehova wathi kuDavide : Yenyuka, ngokuba ngiyakuwanikela impela amaFilisti esandleni sakho.
UDavide wathuma wabuza ngalowo wesifazane . Omunye wathi : Lowo akasiye uBati Sheba yini, indodakazi ka-Eliyamu, umka-Uriya umHeti, na?
Esefikile kuye u -Uriya, uDavide wabuza kuye impilo yakhe , nempilo yabantu, nokuthi impi ihamba kanjani.
uDavide wabuza kuNkulunkulu , wathi: Ngenyukele ukuhlasela amaFilisti na? Uyakuwanikela esandleni sami na ? UJehova wathi kuye : Yenyuka, ngokuba ngiyakuwanikela esandleni sakho.
UDavide waphinda wabuza kuNkulunkulu ; uNkulunkulu wathi kuye : Ungenyuki emva kwawo; wagwegwesele, uwafikele malungana namajikijolo.
AmaKaledi aphendula phambi kwe nkosi, athi: Akukho muntu emhlabeni ongabonisa indaba yenkosi, ngokuba akukho nkosi, nanduna, nambusi owake wabuza indaba enjalo nakwesisodwa isanusi, nothwebulayo, naKaledi.
Khona uJesu efundisa ethempelini wabuza wathi : Basho kanjani ababhali ukuthi uKristu uyindodana kaDavide na?