Skip to Content

"wafunga"

17 occurrences in ZUL

UJehova uNkulunkulu wezulu owangikhipha endlini kababa nasezweni lokuzalwa kwami wakhuluma kimi , wafunga kimi , wathi: Ngiyakulinika inzalo yakho leli zwe ; uzakuthuma ingelosi yakhe phambi kwakho , ukuze ungitholele khona indodana yami umfazi.

UNkulunkulu ka -Abrahama noNkulunkulu kaNahori , uNkulunkulu wawoyise, makahlulele phakathi kwethu . UJakobe wafunga ukwesaba kukayise u-Isaka.

Kuyakuthi lapho uJehova esezakukungenisa ezweni lamaKhanani , njengalokho wafunga kuwe nakoyihlo, akuphe lona,

Intukuthelo kaJehova yavutha ngalolo suku, wafunga wathi:

UJehova wezwa izwi lokukhuluma kwenu, wathukuthela, wafunga wathi:

Futhi uJehova wangithukuthelela ngenxa yenu , wafunga ukuthi angiyikuwela iJordani nokuthi angiyikungena kulelo zwe elihle uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho,

UMose wafunga ngalolo suku , wathi: Impela izwe unyawo lwakho olunyathele kulo liyakuba yifa lakho nelabantwana bakho kuze kube phakade, ngokuba umlandele uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo.

USawule walilalela izwi likaJonathani ; uSawule wafunga wathi: Kuphila kukaJehova, akayikubulawa.

UDavide wabuye wafunga , wathi: Uyihlo uyazi kahle ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho; uthi: Makangazi lokhu uJonathani, funa abe nosizi. Kepha, kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, kukhona isinyathelo esisodwa nje phakathi kwami nokufa.

UDavide wafunga kuSawule ; uSawule wagoduka, kepha uDavide nabantu bakhe bakhuphukela enqabeni.

USawule wafunga uJehova kuye owesifazane , wathi: Kuphila kukaJehova, awuyikwehlelwa cala ngalokho.

Bonke a bantu bafika ukuba bamdlise uDavide isinkwa kusesemini ; kepha uDavide wafunga wathi : Makenze njalo kimi uNkulunkulu , enezele futhi , uma ngidla isinkwa noma okunye lingakashoni ilanga.

Wathi kuyo : Nkosi yami , wafunga uJehova uNkulunkulu wakho kuyo incekukazi yakho ngo kuthi: Ngempela uSolomoni indodana yakho uyakuba yinkosi emva kwami, ahlale esihlalweni sami sobukhosi.

UGedaliya wafunga kubo nakubantu babo , wathi kubo: Ningesabi izinceku zamaKaledi; hlalani ezweni , niyikhonze inkosi yaseBabele , kuyakuba kuhle kini.

ukuthi wafunga kuJehova , wenza isithembiso kuye onguMninimandla kaJakobe, ethi:

UGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani wafunga kubo nakubantu babo , wathi: Ningesabi ukukhonza amaKaledi : hlalani ezweni , niyikhonze inkosi yaseBabele, kuyakuba kuhle kini.

Wafunga kuyo, wathi: Noma yini ongakucela kimi ngizakukunika , nakuba kungaze kube yinxenye yombuso wami.