Skip to Content

"wakhala"

43 occurrences in ZUL

Kepha ebona umoya wesaba ; eseqala ukushona wakhala wathi : Nkosi, ngisindise!

Bheka, kwavela emikhawulweni yakhona owesifazane waseKhanani , wakhala wathi : Ngihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide ! Indodakazi yami ikhwelwe kabi yidemoni.

Waya wahlala phansi kukhashana phambi kwakhe , kungathi ibanga lokuphonsa umcibisholo , ngokuba wathi : Ngingebone ukufa komntwana . Wahlala phambi kwakhe, waphakamisa izwi lakhe, wakhala.

U-Esawu esezwa amazwi kayise wakhala nokukhala kamunyu impela, wathi kuyise: Ngibusise nami, baba!

Wayesethi u-Esawu kuyise: Baba, sinye nje isibusiso sakho na ? Ngibusise nami, baba! U-Esawu wadazuluka, wakhala.

UJakobe wamanga uRaheli, waphakamisa izwi lakhe, wakhala.

Wabafulathela, wakhala; wabuye waphendukela kubo , wakhuluma nabo ; wayesemsusa uSimeyoni phakathi kwabo, wambopha phambi kwamehlo abo.

Wakhawuleza uJosefa , ngokuba ngaphakathi kwakhe kwavutha isihe ngomfowabo; wafuna lapho angakhala khona , wangena ekamelweni lakhe , wakhala khona.

Khona uJosefa wayengasenakuzibamba phambi kwabo bonke ababemi naye, wakhala wathi : Phumisani kimi abantu bonke . Kwakungemi muntu naye , uJosefa esazazisa kubafowabo.

Wayesewa entanyeni yomfowabo uBenjamini , wakhala; noBenjamini wakhala ngasentanyeni yakhe.

UJosefa wayesebophela inqola yakhe , wakhuphuka ukumhlangabeza u - Israyeli uyise eGosheni ; wazibonakalisa kuye , wawa entanyeni yakhe , wakhala ngasentanyeni yakhe isikhathi eside.

UJosefa wawa ebusweni bukayise, wakhala phezu kwakhe, wamanga.

Niyakusho kuJosefa ukuthi: Ake uthethelele abafowenu isiphambeko sabo nesono sabo , ngokuba bakwenzela okubi . Manje siyakucela ukuthi : Ake uthethelele isiphambeko sezinceku zikaNkulunkulu kayihlo . UJosefa wakhala, besakhuluma kuye.

Yalivula, yabona umntwana ; bheka, kwakungumfana; wakhala. Yamhawukela, yathi: Lona ungowabantwana bamaHeberu.

OMose no -Aroni baphuma kuFaro; uMose wakhala kuJehova ngamasele ayewalethile kuFaro.

UMose wakhala kuJehova , wathi: O Nkulunkulu , mawumphulukise, ngiyakuncenga.

UmkaSamsoni wakhala phambi kwakhe , wathi: Uyangizonda kuphela , awungithandi; unikile abakithi imfumbe, awungitshelanga yona. Wathi kuye: Bheka, angibatshelanga ubaba nomame, ngiyakukutshela wena na?

Wakhala phambi kwakhe izinsuku eziyisikhombisa , lisekhona idili labo ; kwathi ngosuku lwesikhombisa wayesemtshela, ngokuba wamcindezela kakhulu; wayisho imfumbe kwabakubo.

Wayesomile kakhulu, wakhala kuJehova, wathi: Wenzile lokhu kukhululeka okukhulu ngesandla senceku yakho ; kepha manje sengiyakufa ukoma , ngiwele esandleni sabangasokile.

USamsoni wakhala kuJehova , wathi: Nkosi Nkulunkulu , ake ungikhumbule, ungiqinise kube kanye kuphela , Nkulunkulu, ukuba ngiphindise kumaFilisti ngempindiselo ibenye ngenxa yamehlo ami omabili.

Kwathi ukuba u -Elkana enze njalo iminyaka ngeminyaka , lapho enyukela endlini kaJehova , wamncokoloza kanjalo ; ngalokho wakhala , akadlanga lutho.

Umphefumulo wakhe wawunomunyu , wakhuleka kuJehova , wakhala kakhulu.

Ekufikeni kwakhe, bheka, u-Eli wayehlezi esihlalweni sakhe ngaseceleni komgwaqo, ngokuba inhliziyo yakhe yayithuthumela ngomphongolo kaNkulunkulu. Esengenile emzini lowo muntu , wakubika, wakhala umuzi wonke.

Ngiyazisola ukuthi ngibekile uSawule inkosi , ngokuba ubuyile ekungilandeleni, kafezanga amazwi ami . USamuweli wathukuthela, wakhala kuJehova ubusuku bonke.

Esehambile umfana , uDavide wavuka ngaseningizimu , wawa phansi ngobuso bakhe, wakhothama kathathu; bangana, bakhalelana, waze wakhala kakhulu uDavide.

Kwathi uDavide eseqedile ukukhuluma lawo mazwi kuSawule , uSawule wathi: Yizwi lakho leli , ndodana yami Davide, na? USawule wadazuluka , wakhala.

Zase zithi izinceku zakhe kuye : Yintoni le oyenzileyo na ? Wazila ukudla, wakhala ngomntwana esekhona, kepha lapho esefile, uvukile wadla.

Wazelula phezu komntwana kathathu , wakhala kuJehova , wathi: Jehova Nkulunkulu wami, umphefumulo walo mntwana mawubuyele kuye.

Kwathi lapho omunye esegawula umshayo , insimbi yawela emanzini ; wakhala wathi: Maye, nkosi! Ibitshelekiwe!

Kwathi esayilandisa inkosi ukuthi uvusile ofileyo , bheka, owesifazane ondodana yakhe ayivusileyo wakhala enkosini ngendlu yakhe nangezwe lakhe. Wayesethi uGehazi: Nkosi yami, nkosi, yilo owesifazane, yile indodana yakhe u-Elisha ayivusileyo.

U-Isaya umpro fethi wakhala kuJehova , wasibuyisa isithunzi izinyathelo eziyishumi ebesizehlile ezinyathelweni zika-Ahazi. Izithunywa zaseBabele

ngenxa yokuba inhliziyo yakho yayithambile wazithoba phambi kukaJehova, lapho wezwa lokho engakukhuluma ngale ndawo nangabakhileyo kuyo ukuthi kuyakuba yincithakalo nesiqalekiso, waklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, mina ngikuzwile, usho uJehova.

U-Asa wakhala kuJehova uNkulunkulu wakhe , wathi: Jehova, akakho ngaphandle kwakho ongasiza phakathi konamandla amak hulu nongenawo ; sisize, Jehova Nkulunkulu wethu , ngokuba sencika kuwe , sifike ngegama lakho kulesi sixuku . Jehova, wena unguNkulunkulu wethu , mawungahlulwa muntu.

ngenxa yokuba inhliziyo yakho yayithambile , wazithoba phambi kukaNkulunkulu ekuzweni kwakho amazwi akhe ngale ndawo nangabakhileyo kuyo , yebo, wazithoba pha mbi kwami , waziklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, mina ngikuzwile, usho uJehova.

UMoridekayi esekwazi konke okwenziweyo , uMoridekayi waziklebhu la izingubo zakhe , wembatha indwangu yamasaka nomlotha , waphumela phakathi komuzi, wakhala ngokukhala okukhulu okumunyu;

U-Esteri waqhubeka wakhuluma phambi kwenkosi , wawa ngasezinyaweni zayo, wakhala, wayinxusa ukuba ibususe ububi bukaHamani umAgagi necebo lakhe ayelicebe ngabaJuda.

walwa nengelosi, wanqoba; wakhala, wanxusa kuyo; yamfumana eBethele, yakhuluma naye lapho.

UPetru wayesekhumbula izwi likaJesu abelishilo lokuthi : Iqhude lingakakhali, uzakungiphika kathathu . Waphumela phandle , wakhala kamunyu.

Umoya ongcolileyo wamhlukumeza , wakhala ngezwi elikhulu , waphuma kuye.

Lase likhala masinyane iqhude ngokwesibili . UPetru wayesekhumbula izwi abelishilo kuye uJesu lokuthi : Iqhude lingakakhali kabili , uzakungiphika kathathu; wakhala nokukhala izinyembezi.

Waphumela phandle, wakhala kamunyu. UJesu uphathwa kabi egcekeni lompristi omkhulu, alahlwe (Math. 26:57; Mark. 14:53; Joh. 18:12)

UJesu wakhala izinyembezi.

ekhulelwe wakhala, enemihelo esikwa ngubuhlungu bokubeletha.