UMenahemu wakhiphisa u-Israyeli imali, bonke abantu abacebileyo, kwaba yilowo nalowo amashekeli angamashumi ayisihlanu esiliva ukuwan ika inkosi yase-Asiriya. Yayisibuyela emuva inkosi yase -Asiriya, ayihlalanga khona ezweni.
UJehoyakimi wamnika uFaro isiliva negolide, kepha wathelisa izwe ukuba anike imali njengezwi likaFaro . Wakhiphisa abantu bezwe isiliva negolide , kwaba yilowo nalowo njengentela yakhe ukunika uFaro Nekho.