Kwathi lapho uNkulunkulu ebhubhisa imizi yasethafeni , uNkulunkulu wakhumbula u -Abrahama, waphumisa uLoti ekuchithekeni mhla ebhubhisa imizi ayehlezi kuyo uLoti.
UNkulunkulu wezwa ukububula kwabo ; uNkulunkulu wakhumbula isivumelwano sakhe no-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.
Wakhumbula ukuthi bayinyama, bangumoya odlulayo ongabuyiyo.
Ngokuba wakhumbula izwi lakhe elingcwele no-Abrahama inceku yakhe.
ngokuba izono zalo zifinyelele ezulwini , noNkulunkulu wakhumbula ukungalungi kwalo.