Wayesengena endlini lowo muntu , wakhumula amakamela , wapha amakamela utshani nefoliji , waletha namanzi okugeza izinyawo zakhe nezinyawo zamadoda anaye.
Wasuka, wahamba, wakhumula iveli lakhe , wembatha izingubo zakhe zobufelokazi.
Umhlengi wayesethi kuBowazi: Zithengele. Wakhumula isicathulo sakhe.
Lokhu kwakunje ngokuhlenga nokwenana endulo kwa -Israyeli ukuba kuqiniswe izindaba zonke : umuntu wakhumula isicathulo sakhe , wasinika umakhelwane wakhe; lokho kwakungubufakazi kwa-Israyeli.
UJonathani wakhumula ingubo ayenayo , wayinika uDavide , nezinye izambatho zakhe kwaze kwaba nenkemba yakhe, nomnsalo wakhe, nebhande lakhe.
Naye wakhumula izingubo zakhe, waprofetha naye phambi kukaSamuweli, walala phansi enqunu lonke lolo suku nabo bonke lobo busuku . Ngalokho kwathiwa: Naye uSawule uphakathi kwabaprofethi na?