Wakhuza uLwandle Olubomvu , lwasha; wabaholela ekujuleni njengasehlane.
Wayesethi kubo: Nesabelani nina bokukholwa okuncane na? Khona wavuka wakhuza umoya nolwandle, kwaba khona ukuthula okukhulu.
Wayesevuka, wakhuza umoya , wathi kulo ulwandle : Thula, uthi du . Kwanqamuka umoya, kwaba khona ukuthula okukhulu.
Wamengama, wakhuza umkhuhlane ; wona wamyeka ; wasuka masinyane , wabakhonza.
Base besondela , bamvusa bathi : Nkosi, Nkosi, safa. Wavuka-ke, wakhuza umoya nokugubha kwamanzi. Kwanqamuka, kwathula kwathi du.