Inkosi yakhe yabona ukuthi uJehova unaye nokuthi konke akwe nzayo uJehova wakuphumelelisa esandleni sakhe.
Umlindi wetilongo akabanga esabheka lutho olusesandleni sakhe , ngokuba uJehova wayenaye, nalokho akwenzayo uJehova wakuphumelelisa.
USolomoni waqeda-ke indlu kaJehova nendlu yenkosi ; konke okwangena enhliziyweni kaSolomoni ukukwenza endlini kaJehova nasendli ni yakhe , wakuphumelelisa.