Eseyilumulile wenyuka nayo enezinkunzi ezintathu , ne-efa lempuphu , nemvaba yewayini , wakuyisa endlini kaJehova eShilo ; umntwana wayesemncane.
Zonke izitsha zendlu kaNkulunkulu , ezinkulu nezincane, nengcebo yendlu kaJehova, nengcebo yenkosi neyezikhulu zayo , konke lokho wakuyisa eBabele.