Konke lokh o, washo uDavide , ngikuqondisiwe ngokubhalwe ngesandla sikaJehova, yebo, wonke umsebenzi walesi sifanekiso.
UNkulunkulu walesi sizwe sakwa -Israyeli wabakhetha obaba, wabaphakamisa abantu bengabafokazi ezweni laseGibithe ; wabakhipha kulo ngengalo ephakemeyo.
Siphi isazi na ? Uphi umbhali na ? Uphi umphikisi walesi sikhathi na ? UNkulunkulu kakwenzanga kube yize ukuhlakanipha kwaleli zwe na?