UMose wathatha amafutha okugcoba, waligcoba itabernakele nakho konke okuphakathi kwalo, wakungcwelisa.
Wafafaza ngawo i-altare kasikhombisa , waligcoba i -altare kanye nezitsha zonke zalo, nomcengezi nesinqe sawo, ukuba kungcweliswe.
Kwathi ngosuku uMose aqeda ngalo ukumisa itabernakele , waligcoba, walingcwelisa kanye nayo yonke impahla yalo , ne-altare, nazo zonke izitsha zalo, wazigcoba, wazingcwelisa,