UJosiya waphenduka , wabona amathuna ayelapho entabeni ; wathumela wakhipha amathambo emathuneni , wawashisa e -altare, walingcolisa njengezwi likaJehova alimemeza lowo muntu kaNkulunkulu owameme zela lezi zinto.
Phakamisela amehlo akh o emadulini angenalutho , ubone; kuphi lapho ongalalwanga khona na? Ngasezindleleni ubahlalele njengomArabiya ehlane, walingcolisa izwe ngobufebe nangobubi bakho.