U-Abrahama wagijima, waya ezinkomeni, walanda ithole elihle nelinonileyo, walinika encekwini; yashesha ukulilungisa.
Wathatha-ke uJoshuwa izwe lonke njengakho konke uJehova abekukhulumile kuMose ; uJoshuwa walinika u -Israyeli libe yifa lakhe ngokwezabelo zabo nezizwe zabo. Izwe lase liphumula ekulweni.
Lawa angamakhosi ezwe anqotshwa nguJoshuwa nangabantwana bakwa- Israyeli ngaphesheya kweJordani ngasentshonal anga, kusukela eBali Gadi esigodini saseLebanoni kuze kufike entabeni yaseHalaki eyenyukela eSeyiri , uJoshuwa walinika izizwe zakwa-Israyeli libe yifa ngokwezabelo zabo
uFaro inkosi yaseGibithe wayenyukile wathatha iGezeri , walishisa ngomlilo, wabulala amaKhanani ayehlezi emzini , walinika umkaSolomoni indodakazi yakhe, libe yisipho sakhe.