Wayeselithatha ithole ababelenzile , walishisa ngomlilo , walicolisisa laze laba luthuli, walivumvuzela emanzini, wabaphuzisa wona abantwana bakwa- Israyeli.
Bachitha bonke ababekulo ngosiko lwenkemba , babaqothula, akusalanga noyedwa ophefumulayo; walishisa iHasori ngomlilo.
uFaro inkosi yaseGibithe wayenyukile wathatha iGezeri , walishisa ngomlilo, wabulala amaKhanani ayehlezi emzini , walinika umkaSolomoni indodakazi yakhe, libe yisipho sakhe.