Wazakhela izindlu emzini kaDavide ; walungisela umphongolo kaNkulunkulu indawo, wawumisela itende.
U-Uziya walungisela impi yonke izihlangu , nemikhonto, nezigqoko, namabhantshi, neminsalo, namatshe endwayimana.
Walungisela intukuthelo yakhe indlela ; akaphephisanga umphefumulo wabo ekufeni, kepha wanikela ukuphila kwabo ezifweni.
UJehova uNkulunkulu walungisela umhlakuva , wawukhulisa phezu kukaJona ukuba ube ngumthunzi phezu kwekhanda lakhe ukumophula kokubi kwakhe. UJona wathokoza ngomhlakuva ngokuthokoza okukhulu.
Kepha sekuzakuvela ukusa ngangomuso uNkulunkulu walungisela impehlwa; yawuphehla umhlakuva, wabuna.
Kwathi ekup humeni kwelanga uNkulunkulu walungisela umoya oshisayo wasempumalanga; ilanga lashaya ekhanda likaJona , waba nesiyezi , wazicelela ukuba afe, wathi: Kungcono kimi ukufa kunokuphila.