UDavide wamaphuca abamahhashi abayinkulungwane namakhulu ayisikhombisa nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili ; uDavide wanquma imisipha yawo onke amahhashi ezinqola , washiya awezinqola eziyikhulu kodwa.
UDavide wamaphuca izinqola eziyinkulungwane , nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisikhombisa , nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili; uDavide wanquma imisipha yawo onke amahhashi ezinqola, washiya awezinqola eziyikhulu kodwa.
U-Abiya wamxosha uJerobowamu , wamaphuca imizi : iBethele nemizana yalo, neJeshana nemizana yalo, ne-Efroni nemizana yalo.