"wamashumi"
35 occurrences in ZUL
Niyakuwungcwelisa umnyaka wamashumi ayisihlanu , nimemezele inkululeko ezweni lonke kubo bonke abakhileyo kulo ; kuyakuba yijubili kini, nibuyele, kube yilowo nalowo efeni lakhe , nibuyele, kube yilowo nalowo kwabomndeni wakhe.
Lo mnyaka wamashumi ayisihlanu uyaku ba yijubili kini ; aniyikulima, ningavuni amakhikhizela awo, ningakhi ngawo ezomvini ongatheniwe.
U-Aroni umpristi wakhuphukela entabeni yaseHori ngesiyalezo sikaJehova, wafela khona ngomnyaka wamashumi amane emva kokuphuma kwabantwana bakwa -Israyeli ezweni laseGibithe, ngenyanga yesihlanu ngolokuqala lwenyanga.
Kwathi ngomnyaka wamashumi amane ngenyanga yeshumi nanye ngolokuqala lwenyanga uMose wakhuluma kubantwana bakwa -Israyeli njengakho konke uJehova amyale ngakho ukuba akukhulume kubo,
Ngomnyaka wamashumi amabili kaJerobowamu , inkosi yakwa -Israyeli, u- Asa waqala ukubusa phezu kukaJuda.
Ngomnyaka wamashumi amabili nesithupha ka -Asa, inkosi yakwaJuda , u- Ela, indodana kaBahash a, waqala ukubusa phezu kuka -Israyeli eTirisa , wabusa iminyaka emibili.
uZimri wangena , wamshaya, wambulala ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa ka-Asa inkosi yakwaJuda, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa ka -Asa inkosi yakwaJuda, uZimri waba yinkosi izinsuku eziyisikhombisa eTirisa . Abantu base bemisile ngaseGibethoni elalingelamaFilisti.
Ngomnyaka wamashumi amathathu nanye ka-Asa inkosi yakwaJuda u-Omri waba yinkosi phezu kuka -Israyeli, wabusa iminyaka eyishumi nambili ; wabusa iminyaka eyisithupha eTirisa.
U-Ahabi, indodana ka -Omri, waqala ukubusa phezu kuka -Israyeli ngomnyaka wamashumi amathathu nesi shiyagalombili ka -Asa; u-Ahabi, indodana ka -Omri, wabusa phezu kuka -Israyeli eSamariya iminyaka engamashumi amabili nambili.
Kwathi ngomnyaka wamashumi amabili nantathu wenkosi uJehowashi abapristi babengakazilungisi izimfa zendlu.
Ngomnyaka wamashumi amabili nantath u kaJowashi indodana ka-Ahaziya inkosi yakwaJuda uJehowahazi indodana kaJehu waba yinkosi kwa -Israyeli eSamariya, wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa.
Ngomnyaka wamashumi amathathu nesikhombisa kaJowashi , inkosi yakwaJuda, uJehowashi, indodana kaJehowahazi, waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha.
Ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa kaJerobowamu inkosi ka - Israyeli u-Azariya indodana ka-Amasiya inkosi yakwaJuda waba yinkosi.
Ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalombili ka -Azariya inkosi yakwaJuda, uZakariya, indodana kaJerobowamu , wayeyinkosi kwa -Israyeli eSamariya izinyanga eziyisithupha.
UShalumi indodana kaJabeshi waba yinkosi ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalolunye ka -Uziya inkosi yakwaJuda , wabusa inyanga eSamariya.
Ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalolunye ka -Azariya inkosi yakwaJuda uMenahemu indodana kaGadi waba yinkosi kwa-Israyeli, wabusa iminyaka eyishumi eSamariya.
Ngomnyaka wamashumi ayisihlanu ka -Azariya inkosi yakwaJuda , uPhekaya, indodana kaMenahemu , waba yinkosi kwa -Israyeli eSamariya , wabusa iminyaka emibili.
Ngomnyaka wamashumi ayisihlanu nambili ka -Azariya inkosi yakwaJuda uPheka indodana kaRemaliya w aba yinkosi kwa -Israyeli eSamariya, wabusa iminyaka engamashumi amabili.
UHosheya, indodana ka -Ela, wamenzela ugobe uPheka indodana kaRemaliya, wamgenca, wambulala, waba yinkosi esikhundleni sakhe ngomnyaka wamashumi amabili kaJothamu indodana ka-Uziya.
Kwathi ngomnyaka wamashumi amatha thu nesikhombisa wokuthunjwa kukaJehoyakini inkosi yakwaJuda ngenyanga yeshumi nambili ngolwamashumi amabili nesikhombisa lwenyanga , u-Evili Merodaki inkosi yaseBabele, ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe , waphakamisa ikhanda likaJehoyakini inkosi yakwaJuda, wamkhipha etilongweni,
KumaHebroni uJeriya wayeyinhloko , kumaHebroni njengezizukulwane zawo ngezindlu zawoyise . Ngomnyaka wamashumi amane wokubu sa kukaDavide kwafunwa , kwafunyanwa phakathi kwawo amaqhawe anamandla eJazeri kwaGileyadi.
Ngomnyaka wamashumi amathathu nesithupha wokubusa kuka -Asa, uBahasha, inkosi yakwa -Israyeli, wakhuphuka ukuhlasela uJuda , wakha iRama, ukuze angavumeli muntu ukuphuma nokungena ku -Asa inkosi yakwaJuda.
Ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalolunye wokubusa kwakhe u-Asa waba nesifo ezinyaweni zakhe ; isifo sakhe sasinzima kakhulu ; kepha akafunanga uJehova esifweni sakhe, izinyanga zodwa.
Amazwi kaNehemiya indodana kaHakaliya . Kwathi ngenyanga kaKhisilevi, ngomnyaka wamashumi amabili ngisendlini yenkosi yaseShushani,
Kwathi ngenyanga kaNisani ngomnyaka wamashumi amabili ka - Aritahishashita inkosi , iwayini liphambi kwakhe , ngaliphakamisa iwayini , ngalinika inkosi. Ngangingazange ngibiphe phambi kwayo.
Futhi kusukela osukwini engamiswa ngalo ukuba ngibe ngumbusi wabo ezweni lakwaJuda , kwasemnyakeni wamashumi amabili kuze kube semnyakeni wamashumi amathathu nambili ka -Aritahishashita inkosi , iminyaka eyishumi nabili, mina nabafowethu asidlanga isinkwa sombusi.
Kepha kukho konke lokh o ngangingekho eJerusalema, ngokuba ngomnyaka wamashumi amathathu nambili ka -Aritahishashita inkosi yaseBabele ngaya enkosini; nangasekugcineni kwezinsuku ngacela enkosini,
Ngomnyaka wamashumi amabili nantathu kaNebukadinesari uNebuzaradani induna yabalindi wathumba abaJuda, abantu abangamakhulu ayisikhombisa namashumi amane nanhlanu . Bonke abantu babe yizinkulungwane ezine namakhulu ayisithupha. Ukukhululwa kukaJehoyakini
Kwathi ngomnyaka wamashumi amathathu nesikhombisa wokuthunjwa kukaJehoyakini, inkosi yakwaJuda , ngenyanga yeshumi nambili , ngolwamashumi amabili nanhlanu lwenyanga , u-Evili Merodaki inkosi yaseBabele ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe waphakamisa ikhanda likaJehoyakini inkosi yakwaJuda, wamkhipha etilongweni,
Kwathi ngomnyaka wamashumi amathathu ngenyanga yesine ngolwesihlanu, ngiphakathi kwabathunjwa ngasemfuleni iKhebari , lavuleka izulu, ngabona imibono ngoNkulunkulu.