Uyakugcina umkhosi wamasonto , owolibo lukakolweni ovuniweyo , nomkhosi wokuvuna ngasekupheleni komnyaka.
Ngosuku lolibo, lapho ninikela ngomnikelo omusha wempuphu kuJehova emkhosini wenu wamasonto, niyakuba nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi,
Uyakugcina umkhosi wamasonto kuJehova uNkulunkulu wakho ngesipho somnikelo wesihle wesandla sakho , oyakusinika njengokubusisa kukaJehova uNkulunkulu wakho,
Kathathu ngomnyaka bonke abesilisa ba kho bayakubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha : ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo , nangomkhosi wamasonto , nangomkhosi wamadokodo; bangabonakali phambi kukaJehova bengenalutho;
njengokudingekayo imihla ngemihla , enikela njengemiyalo kaMose ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga , nangemikhosi emisiweyo , kathathu ngomnyaka: ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, nangomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo.