UJayeli waphuma ukumhlan gabeza uSisera, wathi kuye: Phambuka, nkosi yami; phambukela kimi , ungesabi. Waphambukela kuye etendeni , wamembesa ingubo.
Wayesethi kuye : Ake ungiphuzise ingcosana yamanzi , ngokuba ngomile . Wavumbulula igabha lobisi, wamphuzisa, wamembesa.