Skip to Content

"wamenza"

10 occurrences in ZUL

Lokhu kuyincwadi yezizukulwane zika -Adamu. Msukwana uNkulunkulu edala umuntu wamenza ngomfanekiso kaNkulunkulu.

Ochitha igazi lomuntu , igazi lakhe liyakuchithwa ngabantu , ngokuba uNkulunkulu wamenza umuntu ngomfanekiso wakhe.

U-Ahabi wamenza u -Ashera; u-Ahabi wenezela waze wacunula uJehova , uNkulunkulu ka -Israyeli, kunawo onke amakhosi akwa -Israyeli ayengaphambi kwakhe.

Bheka, lokhu kuphela ngikufumene ukuthi uNkulunkulu wamenza umuntu waba qotho, kepha bona bafunile amacebo amaningi.

Inkosi yamthanda u -Esteri phezu kwabo bonke abesifazane, wafumana umusa nesihe emehlweni ayo kunazo zonke izintombi , wamfaka umqhele wobukhosi, wamenza inkosikazi esikhundleni sikaVashiti.

Wamenza waba ngaphansana kukaNkulunkulu , wamqhelisa ngenkazimulo nangobukhosi.

Wamenza abe ngumbusi phezu kwemisebenzi yezandla zakho ; konke wakubeka phansi kwezinyawo zakhe:

Wamenza umphathi wendlu yakhe nenduna yezinto zakhe zonke,

Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu , ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.

Isikhashana wamenza waba mncinyane kunezingelosi ; wambeka umqhele wenkazimulo nodumo, wammisa phezu kwemisebenzi yezandla zakho, izinto zonke wazibeka phansi kwezinyawo zakhe.