Kepha u -Abrahama wamsola u -Abimeleki ngomthombo wamanzi ebeziwuqhwagile izinceku zika-Abimeleki.
UJakobe wathukuthela , wamsola uLabani ; uJakobe waphendula , wathi kuLabani: Yisiphi isiphambeko sami na ? Yisiphi isono sami , lokhu ungizingele kangaka, na?
Wabalandisa uyise nabafowabo; uyise wamsola, wathi kuye: Yiphupho lini leli oliphuphileyo na ? Impela mina nonyoko nabafowenu siyakuza , sikukhothamele emhlabathini na?