Skip to Content

"wamtshela"

27 occurrences in ZUL

Kepha kweza ophunyukileyo , wamtshela u-Abrama umHeberu , ngokuba wayehlala ngasema -okini kaMamre umAmori , umfowabo ka -Eshikoli nomfowabo ka-Anere; labo babehlangene no-Abrama.

UJosefa wayesengena, wamtshela uFaro, wathi: Ufikile ubaba nabafowethu, nezimvu zabo , nezinkomo zabo , nakho konke abanakho , bephuma ezweni laseKhanani; bheka, sebesezweni laseGosheni.

UMose wamtshela u -Aroni onke amazwi kaJehova amthume nawo , nezibonakaliso zonke amyale ngazo.

Wamtshela inhliziyo yakhe yonke , wathi kuye : Akuthintanga mpuco ekhanda lami , ngokuba bengingumNaziri kaNkulunkulu kwasesizalweni sikamame; uma ngiphuculwa , amandla ami ayakumuka kimi , ngiyakuba buthakathaka, ngibe njengomunye umuntu.

Uninazala wathi kuye : Ukhothozephi namuhla na ? Usebenzephi? Makabusiswe lowo okunakileyo . Wamtshela uninazala ukuthi ubesebenza kubani, wathi: Igama lomuntu engisebenzile kuye namuhla linguBowazi.

Wafika kuninazala ; wathi yena : Ungubani, ndodakazi yami ? Wamtshela konke leyo ndoda ebimenzele khona.

Lapho u -Eli ezwa umsindo wokukhala , wathi: Uthini umsindo walokhu kumemeza na? Lowo muntu washesha waya wamtshela u-Eli.

USawule wayesethi kuJonathani : Ngitshele okwenzileyo . UJonathani wamtshela wathi : Impela ngezwa ingcosana yezinyosi ngesihloko senduku eyayisesandleni sami; bheka, sengizakufa.

UJonathani wamtshela uDavide, wathi: USawule ubaba ufuna ukukubulala ; ngalokho ake uxwaye kusasa, uhlale esitha, ucashe;

UJonathani wambiza uDavide ; uJonathani wamtshela konke lokho . UJonathani wamyisa uDavide kuSawule , waba khona ebusweni bakhe njengakuqala. USawule uphinda azame ukumbulala uDavide. Ukubaleka kukaDavide. UDavide useRama

USawule wathuma izithunywa endlini kaDavide ukuba zimlinde, zimbulale ekuseni; uMikhali umkaDavide wamtshela wathi : Uma ungasindisi ukuphila kwakho ngalobu busuku, uyakubulawa kusasa.

Wayesebaleka uDavide, waphunyuka, waya kuSamuweli eRama, wamtshela konke uSawule abekwenzile kuye. Yena noSamuweli baya bahlala eNayoti.

U-Abiyathara wamtshela uDavide ukuthi uSawule ubulele abapristi bakaJehova.

Kwathi ekuseni, lapho iwayini seliphumile kuNabali , umkakhe wamtshela lezo zinto, inhliziyo yakhe yafa phakathi kwakhe, waba njengetshe.

Owesifazane wamitha, wathuma wamtshela uDavide, wathi: Ngikhulelwe.

UJowabe wayesethuma wamtshela uDavide zonke izindaba zempi;

Kepha umfana wababona, wamtshela u-Abisalomu; base beshesha, bahamba bobabili, bafika endlini yomuntu waseBahurimi owayenomthombo egcekeni lakhe; behlela khona.

Umuntu othile wakubona , wamtshela uJowabe, wathi: Bheka, ngibone u - Abisalomu ephanyekekile e-okini.

UGadi wayesefika kuDavide , wamtshela, wathi kuye : Kufike kuwe yini iminyaka eyisikhombisa yendlala ezweni lakini, noma ubalekele izitha zakho izinyanga ezintathu zisakuxosha, noma kube khona izinsuku ezintathu zesifo ezweni lakini na ? Manje cabanga , ubone ukuthi yiliphi izwi engiyakulibuyisela kongithumileyo.

U-Obadiya wayesehamba ukumhlangabeza u -Ahabi, wamtshela lokho; wayesehamba u-Ahabi ukumhlangabeza u-Eliya.

U-Ahabi wamtshela u -Izebeli konke akwenzile u -Eliya, naphakathi kwalokho ukuthi ubulele bonke abaprofethi ngenkemba.

UGehazi wadlulela ngaphambi kwabo , walubeka udondolo ebusweni bomntwana; akwabakho zwi nakunaka . Ngalokho wabuya ukumhlangabe za, wamtshela ukuthi: Umntwana akavukanga.

wamtshela uJuda ukuba amfune uJehova uNkulunkulu wawoyise , awenze umthetho nemiyalo.

UMoridekayi wamtshela konke okumehleleyo nenani lemali uHamani ayethembisile ukulikhokhela esikhwameni senkosi ngabaJuda ukuba babhujiswe.

Wafika uHathaki, wamtshela u-Esteri amazwi kaMoridekayi.

Khona owesifazane esaba ethuthumela , azi okwenzekile kuye , weza waziphonsa phansi phambi kwakhe, wamtshela iqiniso lonke.

UFiliphu weza wamtshela u -Andreya. Weza u -Andreya noFiliphu , basho kuJesu.