Ngalokho yizwani izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda enihlala ezweni laseGibithe: Bhekani, ngifungile igama lami elikhulu , usho uJehova, Ukuthi igama lami alisayikubizwa mlomo wamuntu wakwaJuda ezweni lonke laseGibithe ukuthi: Kuphila kukaJehova.
Kepha isipho somusa asinjengesi phambeko; ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye abaningi bafa , ikakhulu kwavama kwabaningi umusa nesipho sikaNkulunkulu ngomusa wamuntu munye, uJesu Kristu.