Kuyakuthi lapho nanda , nichume ezweni, ngalezo zinsuku, usho uJehova, bangasayikusho ukuthi : U mphongolo wesivumel wano sikaJehova ; awuyikungena enhliziyweni , abayikuwukhumbula; abayikuwuswela, akusayikwenziwa omusha.
oyena futhi osenzela amandla okuba yizikhonzi zesivumel wano esisha , singesiso esegama kodwa esikaMoya ; ngokuba igama liyabulala , kodwa uMoya uyaphilisa. Inkazimulo yenkonzo entsha iyayidlula eyendala