Skip to Content

"waphakamisela"

7 occurrences in ZUL

U-Aroni waphakamisela izandla zakhe kubantu , wababusisa; wayesehla ekunikeleni ngomnikelo wesono nangomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula.

U-Abishayi umfowabo kaJowabe indodana kaSeruya wayeyinhloko yabathathu. Waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe , wababulala, waba negama phakathi kwalabo abathathu.

UJerobowamu indodana kaNebati wakwa -Efrayimi waseSereda , inceku kaSolomoni, ogama likanina lalinguSeruya, umfelokazi, naye waphakamisela enkosini isandla sakhe.

Waphakamisela ubuso bakhe ngasefasiteleni , wathi: Ubani onami na ? Ngubani? Kwase kulunguza kuye izinduna ezimbili noma ezintathu.

Nanku umumo wamaqhawe uDavide ayenawo : uJashobehamu indodana yomHakimoni, inhloko yamashumi amathathu ; waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala ngasikhathi sinye.

U-Abishayi umfowabo kaJowabe wayeyinhloko yabathathu , ngokuba waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe , wababulala, waba negama phakathi kwalaba abathathu.

Ngezwa umuntu owembethe ilineni , owayephezu kwamanzi omfula ; waphakamisela isandla sakhe sokunene nesandla sa khe sokhohlo ezulwini , wamfunga ophila kuze kube phakade ukuthi kuyakuba ngokwesikhathi , nezikhathi, nenxenye, nalapho sebeqedile ukuphohloza amandla abantu abangcwele, zonke lezo zinto ziyakuqedwa.