UFaro wayesethuma wambiza uJosefa ; bashesha bamkhipha emgodini ; waphucula, waphendulela ezinye izingubo, wangena kuFaro.
UDavide wayesevuka emhlabathini , wageza, wazigcoba, waphendulela izingubo zakhe, wangena endlini kaJehova , wakhuleka; wayeseya endlini yakhe; lapho esecela ukudla, bakubeka phambi kwakhe, wadla.