Kwathi lapho uNkulunkulu ebhubhisa imizi yasethafeni , uNkulunkulu wakhumbula u -Abrahama, waphumisa uLoti ekuchithekeni mhla ebhubhisa imizi ayehlezi kuyo uLoti.
Waphumisa edwaleni izifufula, wehlisa amanzi njengemifula.
Waphumisa umoya wasempumalanga ezulwini ; ngamandla akhe waqhuba umoya waseningizimu.
Kepha waphumisa abantu bakhe njengezimvu ; wabahola ehlane njengomhlambi.