Skip to Content

"wasegibithe"

19 occurrences in ZUL

Ngalolo suku uJehova wasenza isivumelwano no -Abrama, wathi: Ngiyakunika inzalo yakho leli zwe, kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe:

USarayi, umka-Abrama, wathatha uHagari waseGibithe , incekukazi yakhe , wamnika u -Abrama indoda yakhe abe ngumkakhe , u-Abrama esehlalile iminyaka eyishumi ezweni laseKhanani.

Lezi ziyizizukulwane zika -Ishmayeli indodana ka -Abrahama, uHagari waseGibithe incekukazi kaSara amzalela zona u-Abrahama.

umkhawulo ujike ngase -Asimoni, uye emfule ni waseGibithe , uphume elwandle.

wadlula waya e -Asimoni, waya emfuleni waseGibithe ; ukuphuma komkhawulo kwakungaselwandle ; lowo uyakuba ngumkhawulo wenu waseningizimu.

I-Ashidodi nemizi yalo nemizana yal o; iGaza nemizi yalo nemizana yalo , kuze kufike emfuleni waseGibithe, naseLwandle Olukhulu nogu lwalo.

USolomoni wabusa phezu kwemibuso yonke kusukela eMfuleni kuze kube sezweni lamaFilisti nasemkhawulweni waseGibithe; bathela intela , bamkhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.

USolomoni wagubha -ke umkhosi ngaleso sikhathi naye wonke u -Israyeli enaye, ibandla elikhulu , kusukela ekuyeni eHamati kuze semfuleni waseGibithe, ngaphambi kukaJehova uNkulunkulu wethu izinsuku eziyisikhombisa nezinsuku eziyisikhombisa, okungukuthi izinsuku eziyishumi nane.

Inkosi yaseGibithe ayiphindanga futhi ukuphuma ezweni lakubo , ngokuba inkosi yaseBabele yayithathile konke okwakungokwenkosi yaseGibithe , kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni u-Ewufrathe. OJehoyakini noSedekiya bangamakhosi kwaJuda

USolomoni wagubha-ke umkhosi ngaleso sikhathi izinsuku eziyisikhombisa, wonke u-Israyeli enaye, ibandla elikhulu kakhulu, kusukela ekuyeni eHamati kuze kube semfuleni waseGibithe.

Wabusa phezu kwawo onke amakhosi kusukela emfuleni kuze kube sezweni lamaFilisti nasemkhawulweni waseGibithe.

Umoya waseGibithe uyakuba yize ngaphakathi kwalo ; ngiyakuchitha amasu alo; bayakufuna onkulunkulu, nezinyanga, nabanamadlozi, nabathakathi.

Kuyakuthi ngalolo suku uJehova avuthuze ezikhwetshini zasemfuleni kuze kube semfuleni waseGibithe , nibuthwe abanye ng abanye nina bantwana bakwa-Israyeli.

abahamba ukuba behlele eGibithe , bengacelanga emlonyeni wami , baziqinise emandleni kaFaro, baphephele emthunzini waseGibithe!

Ngalokho amandla kaFar o ayakuba ngamahloni kini , ukuphephela kwenu emthunzini waseGibithe kube ngukudumala kini.

Umhlaba awuyikuqhaqhazela ngalokho, balile bonke abakhileyo kuwo, na? Yebo, uyakukhukhumala wonke njengeNayile , unyakaze, ubuye ubohle njengomfula waseGibithe.

INkosi uNkulunkulu Sebawot i yiyo ethinta umhlaba , uncibilike, bakhale bonke abakhileyo kuwo ; uyakukhukhumala wonke njengeNayile , ubuye ubohle njengomfula waseGibithe;

Uma umndeni waseGibithe ungakhuphuki uze ufike , ayiyikuba naphezu kwawo; kepha kuyakuba khona ukushaywa uJehova ayakushaya ngakho izizwe ezingakhuphuki ukugubha umkhosi wamadokodo.

Kanti awusiye yini lowo waseGibithe owambuka ngaphambi kwalezi zinsuku, waholela ehlane amadoda ayizinkulungwane ezine angababulali na?