Abafana bakhula; u-Esawu waba yiphisi , umuntu wasendle; uJakobe waba yibeka, ehlala ematendeni.
Nxa uvimbezela umuzi isikhathi eside ngokulwa nawo ukuba uwuthathe , awuyikuyichitha imithi ngokuyigalela ngezembe , ngokuba ungadla kuyo ; ungayigawuli, ngokuba umuthi wasendle ungumuntu yini ukuba uvinjezelwe nguwe na?
u-Eziri indodana kaKelubi wayephethe abenza umsebenzi wasendle wokulima umhlabathi;
bezwakalise, bathumele izwi emizini yabo yonke naseJerusalema lokuthi : Phumani, niye entabeni, nilande amagatsha omnqumo , namagatsha omnqumo wasendle , namagatsha ombomvana , namagatsha esundu , namagatsha emithi edumbileyo, nenze amadokodo njengokulotshiweyo.
Kepha uma kwaphulwa amanye amagatsha , wena-ke ongumnqumo wasendle wafakelwa phakathi kwawo , wahlanganyela nawo impande yamafutha yomnqumo,