Base befuna intombi enhle phakathi kwemikhawulo yonke yakwa -Israyeli, bathola u-Abishagi waseShunemi, bamletha enkosini.
UBati Sheb a wayesengena enkosini ekamelweni ; inkosi yayisindala ; u- Abishagi waseShunemi wayikhonza inkosi.
Wayesethi: Ake ukhulume kuSolomoni inkosi, ngokuba akayikukufulathela wena, ukuba anginike u-Abishagi waseShunemi abe ngumkami.
Wathi-ke: U-Abishagi waseShunemi makanikwe ku-Adoniya umfowenu, abe ngumkakhe.
Inkosi uSolomoni yaphendula , yathi kunina : Umcelelelani u -Adoniya u- Abishagi waseShunemi na? Mcelele nombuso futhi, ngokuba ungumnewethu; yebo, mcelele yena no-Abiyathara umpristi, noJowabe indodana kaSeruya.