UJehova uNkulunkulu watshala insimu e -Edene ngasempumalanga ; wambeka khona umuntu amenzileyo.
UNowa waqala waba ngumlimi, watshala isivini.
U-Abrahama watshala umtamarisk e ngaseBeri Sheba , wakhuleka khona egameni likaJehova uNkulunkulu Ongunaphakade.
U-Isaka watshala kulelo zwe , wathola ngawona lowo mnyaka okuphindwe kayikhulu, ngokuba uJehova wambusisa.
Wakhipha umvini eGibithe, waxosha abezizwe, watshala wona.
Wayeseqala ukukhuluma kubo ngemifanekiso , ethi: Umuntu watshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba isikhamo , wakha isiqongo sokulinda , wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe.
Wayeseqala ukulandisa lo mfanekiso , ethi kubantu : Umuntu watshala isivini, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe isikhathi eside.