Skip to Content

"watshelwa"

9 occurrences in ZUL

URebeka watshelwa amazwi ka -Esawu indodana yakhe enkulu ; wathuma wambiza uJakobe indodana yakhe encane , wathi kuye: Bheka, umnewenu u- Esawu uyaziduduza ngawe ngokuthi uyakukubulala.

Ngosuku lwesithathu uLabani watshelwa ukuthi uJakobe ubalekile.

Kwathi emva kwezinyanga ezintathu uJuda watshelwa ukuthi : UTamari umalokazana wakho ufebile ; bheka, futhi ukhulelwe ngokufeba kwakhe . UJuda wathi: Mletheni, ashiswe.

USawule nabantu bakhe baya ukumfuna . UDavide watshelwa; wehlela-ke eweni, wahlala ehlane laseMahoni . USawule ekuzwa , wamxosha uDavide ehlane laseMahoni.

UDavide watshelwa, wabutha wonke u -Israyeli, wawela iJordani , wafika eHelamu. Ama-Aramu azihlela ukuhlangabezana noDavide, alwa naye.

Kwathi ngasekupheleni kweminyaka emithathu izinceku ezimbili zikaShimeyi zabaleka, zaya ku-Akhishi indodana kaMahakha inkosi yaseGati. UShimeyi watshelwa ukuthi: Bheka, izinceku zakho ziseGati.

Yayisithi: Hamba ubone ukuthi uphi ukuba ngithumele ngimlande . Watshelwa ukuthi: Bheka, useDothani.

Wayesefika u-Elisha eDamaseku; uBeni Hadadi inkosi yase-Aramu wayegula; watshelwa ukuthi: Umuntu kaNkulunkulu ufikile lapha.

UDavide watshelwa , wabutha wonke u -Israyeli, wawela iJordani , wawafikela, wahlela impi ukulwa nawo . UDavide esehlelile impi ukulwa nama-Aramu, alwa naye.