Nokho, ngokuba ngaleso senzo waveza ithuba elikhulu lokuba izitha zikaJehova zihlambalaze, umntwana omzalelweyo uyakufa nokufa.
Yamila, yaba ngumvini owenabayo, omfushane ngesimo, ukuze amagatsha awo abhekane nalo, nezimpande zawo zibe phansi kwalo; waba ngumvini-ke, waveza amagatsha, wakhipha amahlumela.