"wavuka"
49 occurrences in ZUL
U-Abimeleki wavuka ekuseni , wabiza izinceku zakhe zonke , wakhuluma onke lawa mazwi ezindlebeni zazo; amadoda esaba kakhulu.
U-Abrahama wavuka ekuseni , wathatha isinkwa nemvaba yamanzi , wakunika uHagari ekubeka ehlombe lakhe kanye nomntwana , wammukisa; wahamba, wazulazula ehlane laseBeri Sheba.
U-Abrahama wavuka ekusen i, wabophela imbongolo yakhe , wathatha ezimbili ezincekwini zakhe , no-Isaka indodana yakhe ; wacanda izinkuni zomnikelo obuzakushiswa, wasuka waya endaweni uNkulunkulu abemtshele yona.
UJakobe wamupha u -Esawu isinkwa nokudla kwembumba ; wadla, waphuza, wavuka, wahamba; wadelela kanjalo u-Esawu ubuzibulo bakhe.
UJakobe wavuka ekuseni , walithatha itshe abelibeke phansi kwekhanda lakhe, walimisa laba yinsika, wathela amafutha esihlokweni salo.
ULabani wavuka ekuseni , wawanga amadodana akhe namadodakazi akhe , wawabusisa; wayesehamba uLabani, wabuyela endaweni yakhe.
Wavuka ebusuku, wathatha omkakhe ababili, nezincekukazi zakhe ezimbili, nabantwana bakhe abayishumi nanye, wawela ezibukweni elithiwa iJaboki.
UFaro wavuka ebusuku , yena nezinceku zakhe zonke , nabo bonke abaseGibithe; kwaba khona ukukhala okukhulu eGibithe , ngokuba kwakungekhondlu, lapho kungafanga muntu khona.
UMose wabhala onke amazwi kaJehova , wavuka ekuseni ngakusasa , walakha i -altare phansi kwentaba , nezinsika eziyishumi nambili njengokwezizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.
Wayesebaza izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala ; uMose wavuka ekuseni kakhulu , wakhuphukela entabeni yaseSinayi , njengalokho uJehova emyalile; waphatha ngesandla sakhe izibhebhe ezimbili zamatshe.
UBileyamu wavuka ekuseni , wathi kuzo izikhulu zikaBalaki : Buyelani ezweni lakini, ngokuba uJehova uyangalela ukuba ngihambe nani.
Esekubona uFinehasi ka -Eleyazare ka -Aroni umpristi wavuka ephakathi kwenhlangano, wathatha umkhonto ngesandla sakhe,
UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu , basuka eShithimi, bafika eJordani , yena nabo bonke abantwana bakwa -Israyeli, balala khona ebusuku bengakaweli.
UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu , wabutha abantu , wakhuphuka, yena namalunga akwa-Israyeli, phambi kwabantu, waya e-Ayi.
Kwaba njalo, ngokuba wavuka ekuseni ngangomuso, wabucindezela uboya, wakhama amazolo eboyeni, kwagcwala isitsha amanzi.
USamsoni walala kwaze kwaba phakathi kwamabili ; wavuka phakathi kobusuku, wabamba izivalo zesango lomuzi nezinsika zombili , wazincothula kanye nomgoqo , wazibeka emahlombe akhe , wazikhuphulela esiqongweni sentaba ephambi kweHebroni. UDelila
Wawabethela-ke ngesikhonkwane, wathi kuye: AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni. Wavuka ebuthongweni , wasincothula isikhonkwane sokweluka nezintambo zokwelukwa.
Wathi: AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni. Wavuka ebuthongweni, wathi: Ngiyakuphuma njengangezinye izikhathi , ngizithintithe. Kepha wayengazi ukuthi uJehova wayemukile kuye.
Wavuka ekuseni kakhulu ngosuku lwesihlanu ukuba ahambe ; uyise wentombi wathi : Ake uhlumelele inhliziyo yakho , nihlale lize lithambame ilanga. Badla-ke bobabili.
Kepha aka vumanga lowo muntu ukuh lala lobo busuku , kodwa wavuka wahamba, wafika malungana neJebusi eliyiJerusalema ; kwakukhona naye izimbongolo ezimbili ziboshelwe izihlalo; nesancinza sakhe sasinaye.
Walala ngasezinyaweni zakhe kwaze kwasa, wavuka bengakazani. Ngokuba yathi: Makungaziwa ukuthi owesifazane wafika esibuyeni.
UJehova waphinda wambiza uSamuweli . USamuweli wavuka, waya ku-Eli, wathi: Ngilapha, njengokuba ungibizile . Wathi: Angikubizanga, ndodana yami; buya ulale.
UJehova wambiza uSamuweli ngokwesithathu. Wavuka, waya ku-Eli, wathi: Ngilapha, njengokuba ungibizile. U-Eli wayeseqonda ukuthi nguJehova ombizile umntwana.
USamuweli wavuka kusasa ukuba amhlangabeze uSawule ekuseni ; kwabikwa kuSamuweli ukuthi: USawule wafika eKarmeli; bheka, wazimisela insika, wasuka, wadlula, wehla waya eGiligali.
UDavide wavuka ekuseni kakhulu , washiya izimvu kumlindi , wathatha, wahamba, njengalokho uJese amyale ngakho ; wafika enqabeni yezinq ola, impi isaphuma ukuyakuhlelwa, yahlaba umkhosi.
Esehambile umfana , uDavide wavuka ngaseningizimu , wawa phansi ngobuso bakhe, wakhothama kathathu; bangana, bakhalelana, waze wakhala kakhulu uDavide.
UJonathani wathi kuDavide : Hamba kahle, lokhu sifungile sobabili igama likaJehova ngokuthi : U Jehova uyakuba phakathi kwami nawe naphakathi kwenzalo yami nenza lo yakho kuze kube phakade . Wavuka, wahamba; uJonathani wangena emzini.
UDavide wavuka ekuseni , yena nabantu bakhe , ukuba bahambe ekuseni , babuyele ezweni lamaFilisti. AmaFilisti enyukela eJizreyeli.
Kwathi kusihlwa uDavide wavuka embhedeni , wahamba ophahleni lwendlu yenkosi, wabona esesophahleni owesifazane egeza ; owesifazane wayemuhle kakhulu, ebukeka.
U-Abisalomu wavuka ekuseni , wema ngaseceleni kwendlela yesango ; kwakuthi wonke um untu onecala eliya enkosini ukuba lithethwe , u- Abisalomu wambiza wathi : Ungowamuphi umuzi na ? athi: Inceku yakho ingowesinye sezizwe zakwa-Israyeli.
Wavuka phakathi kwamabili , wathatha umfana wami eceleni kwami , incekukazi yakho ilele ubuthongo, wambeka esifubeni sakhe, wabeka umfana wakhe ofileyo esifubeni sami.
Wavuka, wadla, waphuza, wahamba ngamandla alokho kudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane , waya entabeni kaNkulunkulu iHorebe.
UJoramu wayesewelela eSayiri, nazo zonke izinqola zakhe zinaye ; wavuka ebusuku, wamchitha u -Edomi omhaqileyo nxazonke , nezinduna zezinqola , kepha abantu babalekela ematendeni abo.
Nokho uJerobowamu in dodana kaNebati , inceku kaSolomoni indodana kaDavide, wavuka, wahlubuka inkosi yakhe.
Wayesewela uJehoramu nezinduna zakhe, nazo zonke izinqola zakhe zinaye; wavuka ebusuku, wabachitha abakwa-Edomi abamhaqileyo kanye nezinduna zezinqola.
Kwathi lapho seziphelile izinsuku zedili lawo , uJobe wathuma wawangcwelisa, wavuka ekuseni , wanikela ngeminikelo yokushiswa njengomumo wawo onke ; ngokuba uJobe wathi : Mhlawumbe amadodana ami onile, amthukile uNkulunkulu ezinhliziyweni zawo . Wenze njalo uJobe imihla yonke.
Wayesethi kubo: Nesabelani nina bokukholwa okuncane na? Khona wavuka wakhuza umoya nolwandle, kwaba khona ukuthula okukhulu.
Base besondela , bamvusa bathi : Nkosi, Nkosi, safa. Wavuka-ke, wakhuza umoya nokugubha kwamanzi. Kwanqamuka, kwathula kwathi du.
Kepha kwathi abafundi bembunganyele , wavuka, wangena emzini . Ngangomuso wamuka noBarnaba, baya eDerbe.