Ngasemuva uJoshuwa wawagenca , wawabulala, wawaphanyeka emithini eyisihlanu, alenga emithini kwaze kwahlwa.
kusukela entabeni yaseHalaki kwenyukela eSeyiri , yebo, naseBali Gadi esigodini saseLebanoni ngaphansi kwentaba yaseHermoni ; onke amakhosi abo wawathatha, wawagenca, wawabulala.
Kepha wayemi phakathi nesiqephu , wasivikela, wawabulala amaFilisti ; uJehova wenza insindiso enkulu.
UJehova uya kulibuyisela igazi lakhe ekhanda lakhe , ngokuba wasukela amadoda amabili alungileyo amahle kunaye , wawabulala ngenkemba, ubaba uDavide engazi: u-Abineri indodana kaNeri, induna yempi yakwa-Israyeli, no- Amasa indodana kaJetheri, induna yempi yakwaJuda.