Bawadiliza phambi kwakhe ama -altare awoBali ; nama-altare empepho ayephezu kwawo wawanquma ; waphula o-Ashera, nezithombe ezibaziweyo, nezithombe ezibunjiweyo, wakucolisisa, wakuvumvuzela phezu kwamathuna ababenikele kukho.
Wawadiliza ama -altare, waphula o-Ashera nezithombe ezibaziweyo kwaba luthuli, wawanquma onke ama -altare empepho ezweni lonke lakwa -Israyeli, wabuyela eJerusalema.