UNebukadinesari wakhuluma wathi : Makabongwe uNkulunkulu wawoShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego , othumile ingelosi yakhe , wakhulula izin ceku zakhe ebezimethemba , zaze zaguqula izwi lenkosi, zanikela imizimba yazo ukuba zingakhonzi , zingakhuleki kunkulunkulu noyedwa, uNkulunkulu wabo kuphela.
Ngalokho ngikhipha isimemezelo sokuba bonke abantu , nezizwe, nezilimi ezikhuluma okungafanele ng oNkulunkulu wawoShadiraki , noMeshaki, no- Abedi Nego ziyakuhlahlelwa , izindlu zazo zenziwe iquba , ngokuba akakho omunye unkulunkulu ongophula ngale ndlela.