Skip to Content

"wawoyise"

26 occurrences in ZUL

UNkulunkulu ka -Abrahama noNkulunkulu kaNahori , uNkulunkulu wawoyise, makahlulele phakathi kwethu . UJakobe wafunga ukwesaba kukayise u-Isaka.

ukuba bakholwe ukuthi uJehova , uNkulunkulu wawoyise, uNkulunkulu ka- Abrahama, noNkulunkulu ka -Isaka, noNkulunkulu kaJakobe , ubonakele kuwe.

Bese kuthiwa: Ngokuba basishiya isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wawoyise asenzayo nabo ekubakhipheni kwakhe ezweni laseGibithe,

bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe, balandela abanye onkulunkulu , onkulunkulu babantu ababebazungeza, babakhothamela, bamcunula uJehova.

washiya uJehova uNkulunkulu wawoyise , kahambanga ngendlela kaJehova.

Kepha baphambuka kuNkulunkulu wawoyise , balandela ngokuphinga onkulunkulu babantu balelo zwe, uNkulunkulu abachithayo phambi kwabo.

UDavide wathi kulo lonke ibandla : Ake nibonge uJehova uNkulunkulu wenu. Lonke ibandla lambonga uJehova uNkulunkulu wawoyise , lakhothama, lakhuleka kuJehova nasenkosini.

Bayakuphendula bathi : Kungokuba bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe , babambelela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza; ngalokho ubehlisele konke lokho okubi.

Emva kwabo kwaphuma ezizweni zonke zakwa -Israyeli abanhliziyo zabo zibhekiswe ukufuna uJehova uNkulun kulu wakwa -Israyeli, bafika eJerusalema ukuhlabela uJehova uNkulunkulu wawoyise.

Bathotshiswa-ke ngaleso sikhathi abantwana bakwa -Israyeli; kepha abantwana bakwaJuda bahlula , ngokuba babencika kuJehova uNkulunkulu wawoyise.

wamtshela uJuda ukuba amfune uJehova uNkulunkulu wawoyise , awenze umthetho nemiyalo.

UJehoshafati wahlala eJerusalema , kepha wabuye waphuma , wahamba phakathi kwabantu , kusukela eBeri Sheba kuze kube sezintabeni , wababuyisela kuJehova uNkulunkulu wawoyise.

Kepha izindawo eziphakemeyo azisuswanga ; futhi aban tu babengabhekisanga izinhliziyo zabo kuNkulunkulu wawoyise.

Wahlubuka-ke u-Edomi phansi kwesandla sakwaJuda kuze kube namuhla ; khona lahlubuka neLibina ngasona leso sikhathi phansi kwesandla sakhe , ngokuba wayemshiyile uJehova uNkulunkulu wawoyise.

Bayishiya indlu kaJehov a uNkulunkulu wawoyise , bakhonza o -Ashera nezithombe; uJuda neJerusalema kwehlelwa yintukuthelo ngaleli cala labo.

Ngokuba impi yase -Aramu yafika neviyo elincane labantu , nokho uJehova wanikela impi enkulu kakhulu esandleni sabo , ngokuba babemshiyile uJehova uNkulunkulu wawoyise. Base bemahlulela uJowashi.

Ngokuba uPheka indodana kaRemaliya wabulala kwaJuda izinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili ngalusuku lunye , bonke bengamadoda anamandla, ngokuba bebeshiyile uJehova uNkulunkulu wawoyise.

Nakuyo yonke imizi yakwaJuda , imizi ngemizi , wenza izindawo eziphakemeyo zokuba ashisele abanye onkulunkulu impepho , wamcunula uJehova uNkulunkulu wawoyise.

wathi kubo : Ngizweni nina maLevi ; zingcweliseni, niyingcwelise nendlu kaJehova uNkulunkulu wawoyise, nikhiphe ukungcola endaweni engcwele.

Ningabi njengoyihlo nabafowenu ababephambuka kuJehova uNkulunkulu wawoyise, waze wabanikela encithakalweni, njengalokhu nibona.

bonke ababebhekisa izinhliziyo zabo ukufuna uNkulunkulu , uJehova uNkulunkulu wawoyise, noma kungenjengokuhlanjululwa kwendlu engcwele.

UHezekiya wakhuluma kahle kuwo onke amaLevi ayebonakalisa ukuqonda inkonzo kaJehova . Badla-ke iminikelo yomkhosi izinsuku eziyisikhombisa , benikela ngemihlats helo yeminikelo yokut hula, bembonga uJehova uNkulunkulu wawoyise.

Lapho esekuhluphekeni, wanxusa kuJehova uNkulunkulu wakhe, wazithoba kakhulu phambi kukaNkulunkulu wawoyise.

Wenza ukuba bonke abafunyanwa eJerusalema nakwaBenjamini beme kuso. Abakhileyo eJerusalema benza njengesivumelwano sikaNkulunkulu , uNkulunkulu wawoyise.

UJosiya wazisusa zonke izinengiso emazweni onke akwa -Israyeli, wenza ukuba bonke abafunyanwa kwa -Israyeli bakhonze , bamkhonze uJehova uNkulunkulu wabo . Zonke izinsuku zakhe abasukanga ekumlandeleni uJehova uNkulunkulu wawoyise.

UJehova uNkulunkulu wawoyise wathuma kubo ngezandla zezithunywa zakhe, ethuma njalonjalo, ngokuba waha wukela abantu bakhe nendawo yakhe yokuhlala;