Wawusubanikela esandleni sezitha zabo ezabahlupha ; ngesikhathi sokuhlupheka kwabo sebekhala kuwe, wena wabezwa usezulwini, nangomusa wakho omkhulu wabanika abasindisi ababasindisa esandleni sezitha zabo.
Nokho iminyaka eminingi wababekezelela , wabaxwayisa ngoMoya wakho ngesandla sabaprofethi bakho, kepha abezwanga; wawusubanikela esandleni sabantu bezizwe.