Skip to Content

"waxosha"

13 occurrences in ZUL

UJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibithe ; waxosha abakwa-Israyeli; ngokuba abantwana bakwa -Israyeli baphuma ngesandla esiphakamileyo.

UKalebi waxosha khona amadodana amathathu ka -Anaki, oSheshayi, no- Ahimani, noTalimayi, abantwana bakwa-Anaki.

UJehova waxosha phambi kwethu bonke abantu , nama-Amori futhi ayehlala ezweni ; ngalokho nathi siyakumkhonza uJehova , ngokuba unguNkulunkulu wethu.

UJehova wayenaye uJuda , waxosha abasezintabeni ; wayengenakuxosha kodwa abakhe esigodini, lokhu bebenezinqola zensimbi.

Bamnika uKalebi iHebroni , njengalokho ebekhulumile uMose ; waxosha khona amadodana amathathu ka-Anaki.

Kepha uBaraki waxosha izinqola nempi kwaze kwaba seHarosheti labezizwe; yonke impi kaSisera yawa ngosiko lwenkemba, akwasala muntu.

Kodwa UDavide waxosha , yena nabantu abangamakhulu amane , ngokuba abangamakhulu amabili basala emuva , bezukekile ukuze bangaweli umfudlana iBesori.

Waxosha izifebe zethempeli ezweni, wasusa nezithombe ayezenzile uyise.

Ngaleso sikhathi uResini inkosi yase -Aramu wabuyisela i -Elati e -Aramu, waxosha abaJuda e -Elati; ama-Aramu afika e-Elati, ahlala khona kuze kube namuhla.

Waxosha abezizwe phambi kwabo ; edabula izwe wababela ifa , wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo.

Wakhipha umvini eGibithe, waxosha abezizwe, watshala wona.

UJesu wayesengena ethempelini , waxosha bonke abathengisayo nabathengayo ethempelini , wagumbuqela amatafula abashintshelana imali nezihlalo zabathengisa ngamajuba.

Wayesenza inkalivasi ngezintambo , waxosha bonke ethempelini , nezimvu nezinkomo, wachitha imali yabashintshayo, wagumbuqela amatafula,