"wayelele"
10 occurrences in ZUL
UJayeli umkaHebere wayesethatha isikhonkwane setende, waphatha isando ngesandla, wanyonyobela kuye , wambethela esikhaleni sendlebe ngesikhonkwane, sagqobhoza, saphumela emhlabathini , ngokuba wayelele ubuthongo obukhulu ediniwe; wafa kanjalo.
Bheka, uBaraki esamxosha uSisera , uJayeli waphuma ukumhlangabeza , wathi kuye : Woza, ngikubonise omfunayo . Waya kuye ; bheka, uSisera wayelele efile, isikhonkwane sisesikhaleni sendlebe yakhe.
UDavide wasuka , weza endaweni uSawule amise kuyo ; uDavide wabona indawo uSawule ahlala kuyo , eno-Abineri indodana kaNeri , induna yempi yakhe; uSawule wayelele ezinqoleni, abantu bemise ngakuye nxazonke.
ODavide no -Abishayi bafika kubantu ebusuku ; bheka, uSawule wayelele ubuthongo ezinqoleni , umkhonto wakhe ugxunyekiwe emhlabathini ngasekhanda lakhe; u-Abineri nabantu bakhe babelele ngakuye nxazonke.
Wayesehamba uTamari , waya endlini ka -Amnoni umnewabo ; wayelele phansi. Wathatha inhlama , wayixova, wenza amaqebelengwane ph ambi kwakhe, wapheka amaqebelengwane.
UJehu wayesekhwela inqola, waya eJizreyeli, ngokuba uJoramu wayelele lapho. U-Ahaziya, inkosi yakwaJuda, wayehlele ukumbona uJoramu.
Bheka, kwavuka isiphepho esikhulu elwandle , umkhumbi waze wagujuzelwa ngamaza; kepha yena wayelele.