UJehova wabapha abantu umusa emehlweni abaseGibithe . Futhi lowo muntu uMose wayemkhulu kakhulu ezweni laseGibithe emehlweni ezinceku zikaFaro nasemehlweni abantu.
Kwakukhona umuntu eMahoni onemfuyo yakhe eKarmeli ; lowo muntu wayemkhulu kakhulu , wayenezimvu eziyizinkulungwane ezintathu nezimbuzi eziyinkulungwane; wayezigunda izimvu zakhe eKarmeli.
Ngokuba uMoridekayi wayemkhulu endlini yenkosi , nodumo lwakhe lwahamba ezifundeni zonke , ngokuba lowo muntu uMoridekayi wayelokhu ekhula njalo.
Impahla yakhe yayiyizimvu eziyiz inkulungwane eziyisikhombisa , namakamela ayizinkulungwane ezintathu , namabhangqa angamakhulu ayisihlanu ezinkabi , nezimbongolo zezinsikazi ezingamakhulu ayisihlanu , nezinceku eziningi kakhulu; wayemkhulu lowo muntu kunabo bonke abantu basempumalanga.