UNkulunkulu wayenaye umfana; wakhula, wahlala ehlane, waba ngophethe umnsalo.
UJehova wayenaye uJosefa , waba ngumuntu onenhlanhla ; wayesendlini yenkosi yakhe yaseGibithe.
Kepha uJehova wayenaye uJosefa , wamupha umusa , wamenzela ububele emehlweni omlindi wetilongo.
Umlindi wetilongo akabanga esabheka lutho olusesandleni sakhe , ngokuba uJehova wayenaye, nalokho akwenzayo uJehova wakuphumelelisa.
UJehova wayenaye uJoshuwa; udumo lwakhe lwalukhona ezweni lonke.
UJehova wayenaye uJuda , waxosha abasezintabeni ; wayengenakuxosha kodwa abakhe esigodini, lokhu bebenezinqola zensimbi.
Lapho uJehova ebavusela abahluleli , uJehova wayenaye umahluleli , wabasindisa esandleni sezitha zabo izinsuku zonke zomahluleli , ngokuba uJehova waba nesihe ngokubulawa kwabo ngenxa yababacindezelayo nababakhathazayo.
USamuweli wakhula ; uJehova wayenaye ; akawisanga phansi nelilodwa lamazwi akhe.
USawule wamesaba uDavide , ngokuba uJehova wayenaye , kepha wayesukile kuSawule.
UDavide waziphatha ngokuhlakanipha kuzo zonke izindlela zakhe; uJehova wayenaye.
UDavide waqhubeka njalo ngokukhula , ngokuba uJehova uNkulunkulu Sebawoti wayenaye.
Wayenaye ethukusiwe endlini kaJehova iminyaka eyisithupha ; u-Athaliya wabusa ezweni.
UJehova wayenaye; nomaphi lapho eya khona, waphumelela; wayihlubuka inkosi yase-Asiriya, kayikhonzanga.
UFinehasi indodana ka -Eleyazare wayengumbusi phezu kwabo ngesikhathi esidlulileyo. UJehova wayenaye.
UDavide waqhubeka njalo ngokukhula , ngokuba uJehova Sebawoti wayenaye. Amaqhawe kaDavide
USolomoni indodana kaDavide waqiniswa ebukhosini bakhe ; uJehova uNkulunkulu wakhe wayenaye, wamkhulisa kakhulu.
UJehova wayenaye uJehoshafati , ngokuba wahamba ngezindlela zokuqala zikayise uDavide, akafunanga oBali,
Ngosuku lwesine kwalinganiswa isiliva negolide nezitsha endlini kaNkulunkulu wethu , kwanikezwa esandleni sikaMeremoti , indodana ka - Uriya, umpristi; u-Eleyazare indodana kaFinehasi wayenaye ; uJozabadi indodana kaJeshuwa noNohadiya, indodana kaBinuwi, amaLevi, babe nabo,
Okhokho baba nomhawu ngoJosefa, bathengisa ngaye , wasiwa eGibithe ; kodwa uNkulunkulu wayenaye,
lokuthi: UNkulunkulu wamgcoba uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamandla, owahamba enza umusa , ephulukisa bonke ababesemandleni kaSathane, ngokuba uNkulunkulu wayenaye.