UJosefa wayesekhumbula amaphupho awaphupha ngabo , wathi kubo : Niyizinhloli; nize ukubona ubuze bezwe.
UPetru wayesekhumbula izwi likaJesu abelishilo lokuthi : Iqhude lingakakhali, uzakungiphika kathathu . Waphumela phandle , wakhala kamunyu.
Lase likhala masinyane iqhude ngokwesibili . UPetru wayesekhumbula izwi abelishilo kuye uJesu lokuthi : Iqhude lingakakhali kabili , uzakungiphika kathathu; wakhala nokukhala izinyembezi.